Ukushintsha Kwesimo Sezulu Nekusasa Lethu—Okushiwo IBhayibheli

 “Uyanda umonakalo obangelwa ukushintsha kwesimo sezulu. Kuya kuba nzima ukuphila emhlabeni.”—The Guardian.

 Abantu babhekene nezinkinga abazibangele bona. Ososayensi abaningi bavumelana ngokuthi izinto ezenziwa abantu yizo ezibangela ukwenyuka kwamazinga okushisa emhlabeni. Lokhu kwenyuka kwamazinga okushisa sekudale ushintsho esimweni sezulu kwabangela nezinhlekelele. Ezihlanganisa lokhu okulandelayo:

  •  Izimo zezulu ezimbi kakhulu nezenzeka njalo, njengokushisa okukhulu, isomiso neziphepho, okube sekubangela izikhukhula nemililo yequbula.

  •  Iqhwa elincibilikayo neqhwa lase-Arctic.

  •  Ukwenyuka kwamazinga okuphakama kwamanzi olwandle.

 Izinkinga ezidalwa isimo sezulu zithinte umhlaba wonke. Ngemva kokuchaza izimo ezikhona emazweni angu-193, umbiko we-New York Times wathi: “Umhlaba wethu ukhalela usizo. Ngenxa yokufa nokuhlupheka okubangelwe ukushintsha kwesimo sezulu, iWorld Health Organization ikuchaza ngokuthi “usongo olukhulu abantu ababhekene nalo.”

 Noma kunjalo, sinesizathu sokuba nethemba ngekusasa. IBhayibheli lazibikezela izinto ezenzeka namuhla, nokuthi kungani singalindela ukuba uNkulunkulu angenele nalokho azokwenza ukuze avikele ikusasa lethu.

Ingabe ukushintsha kwesimo sezulu kugcwalisa isiprofetho seBhayibheli?

 Yebo. Izinkinga ezibangelwe ukwenyuka kwamazinga okushisa zifana nse nalokho okwabikezelwa iBhayibheli ngesikhathi sethu.

 Isiprofetho: UNkulunkululu ‘uyobhubhisa labo abacekela phansi umhlaba.’—IsAmbulo 11:18., umbhalo waphansi.

 IBhayibheli labikezela ukuthi kwakuyoba nesikhathi lapho izenzo zabantu zaziyocishe ziwuqothule umhlaba. Ngenxa yokwenyuka kwamazinga okushisa emhlabeni wonke, abantu bawucekela phansi umhlaba ngezinga elingakaze libonwe ngaphambili.

 Lesi siprofetho sisitshela isizathu esenza ukuba abantu bangakwazi ukuxazulula izinkinga zomhlaba. Phawula ukuthi uNkulunkulu uyothatha isinyathelo ngesikhathi abantu “besacekela phansi umhlaba.” Kungakhathaliseki ukuthi iyiphi inqubekela phambili abantu abanezinhloso ezinhle abayenzile ukuze balwe nokushintsha kwesimo sezulu, ngeke lokho kuvimbe abantu ukuba bayeke ukucekela phansi umhlaba.

 Isiprofetho: “Kuyoba khona imibono eyesabekayo.”—Luka 21:11.

 IBhayibheli labikezela ukuthi kwakuyoba khona “imibono eyesabekayo” nezenzakalo ezethusayo esikhathini sethu. Ukushintsha kwesimo sezulu kubangele izimo zezulu ezethusayo emhlabeni wonke. Namuhla, abanye abantu banovalo olungapheli lokuthi, izimo zizoba zimbi kakhulu, kushabalale yonke into emhlabeni.

 Isiprofetho: “Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali, . . . abangathembekile, . . . abangafuni sivumelwano, . . . abakhapheli, abanenkani.”—2 Thimothewu 3:1-4.

 IBhayibheli lazibikezela izimfanelo nokuziphatha okubangele lolu shintsho lwesimo sezulu. Ohulumeni nabezamabhizinisi babeka ezomnotho phambili bangacabangi ngezizukulwane ezizayo. Ngisho nalapho bezama ukuhlanganisa amakhanda, abakwazi ukuvumelana ngokufanele kwenziwe ukuze kunqandwe ukwenyuka kwamazinga okushisa.

 Lesi siprofetho siveza ukuthi akufanele silindele ukuba abantu bashintshe izenzo zabo ukuze bavikele umhlaba. Kunalokho, iBhayibheli libonisa ukuthi abantu abazicabangela bona “bayoqhubeka besuka kokubi baye kokubi kakhulu.”—2 Thimothewu 3:13.

Image: Ofakazi BakaJehova

mzukona

mzukona

Nyakaza Media Solutions, founded to empower schools, helps learners research, write, and publish newsletters, bulletins, and maintain websites. With a mission to promote dialogue on issues affecting young people, the organisation encourages learners to celebrate excellence, embrace growth, and strive for greatness. Nyakaza Media Solutions aims to foster better individuals and future South African leaders through positive and productive behaviour.

Welcome Back!

Login to your account below

Create New Account!

Fill the forms below to register

Retrieve your password

Please enter your username or email address to reset your password.