The State of Small BusinessYO MAGAZINEYo School Magazine

Iphuthwe yithuba elihle lokuya eMelika Insimbi News!

IMed8 Media nabanye abashicileli abayisishiyagalolunye bazondizisela ifulegi laseMzansi phezulu njengoba amabombo ebheke eMelika.

Ukuze ikusasa lezokucoshela izindaba eNingizimu Afrika lihlale liqhakazile ikakhulukazi njengoba sesisesikhathini sobuchwepheshe, abe-Association of Independent Publishers (AIP) baqoke abashicileli bezindaba abayishumi ezweni lonke ukuthi baye e-USA nokuyilapho beyofunda khona kabanzi ngezobuntatheli.

Insimbi Media Group icishe yalithola nayo leli thuba kwasho isikhathi besingakavumi. Phakathi kwamaphephandaba nabashicileli abaqokiwe sibala INTUTHUKO ezinze khona la esifundazweni saKwaZulu Natal. Iyona ezomela iKZN lapha eMelika.

Abe-AIP benza isimemezelo ngasekuqaleni kwenyanga kaZibandlela kofile unyaka, bethi bazothatha abashicileli abayishumi bayobafundisa phesheya. Uqeqesho luzoba yizinsuku ezingamashumi amabili nanye (21) kanti inhloso yalo ukwakha lemboni ikwazi ukuzimela nokuphila isikhathi eside ekuhlinzekeni ngezindaba ezinkundleni zokuxhumana, kumawebsite kanjalo nasemaphephandabeni.

Kube yizindaba ezijabulisayo impela lezi kumphathi weMed8 Media ophinde ashicilele amaphephandaba amaningi, awakhele amawebsite lapha kwelakithi, uMnu Chris Mcinga. Uyena uMcinga owasiza Insimbi News ukuthi ibe newebsite ehlinzeka ngezindaba ezishisa bhe. Yingqungqulu uMcinga ngoba unesipiliyoni seminyaka eyishumi nesihlanu (15) kuwo lomkhakha, kanti ubelokhu ekhona kwenzeka ushintsho lwezobuchwepheshe.

“Uhambo lusithembisa ukuthi kunethuba lokwakha ikusasa labezindaba eMzansi ne-Afrika, okuyingakho sinxenxa zonke izinhlangano zabezindaba ukuthi zidlane indlebe nalabo ezibathumela phesheya ngaphambi kokuthi bahambe. Lokhu kuzokwenza ukuthi izinhlangano zikwazi ukudlulisa izinselelo nezindlela ezintsha ezingasetshenziswa ukuletha uguquko oluzophilisa umkhakha wonkana”, kusho uMcinga.

Ngasekuqaleni konyaka odlule, i-AIP yanikwa imali yi-US Embassy in South Africa ukuthi isebenzisane nesikhondlakhondla sokufundela ubuntatheli i-Institute for International Journalism (IIJ) e-Ohio University in Athens khona eMelika. Abashicileli laba abayishumi bakhethwa kwabawu-60 ebebefake izicelo ngokwenza ama-interviews, ukubheka ukuthi izindaba zishicilelwa nini, kanjani nokuthi abantu bayazilandela yini.

Ikomidi elizimele elakhiwe omakadebona kwabezindaba base behlunga izicelo ngokubuka ukuthi abafake izicelo bakhona yini kwiwebsite, banalo yini iphephandaba, ingqikithi (content) ikhona yini, bayalandela yini imigomo ye-AIP nokuthi bazimisele kangakanani ekuhlinzekeni ngezindaba zomphakathi.

Inhlosongqangi enkulu yalolu hambo ukuthi oyedwa kwabayishumi abashicileli bathuthukise indlela abasebenza ngayo ezokwenza ukuthi umsebenzi wabo ube ngohamba phambili. Lokhu kuhlanganisa nokwakha ubudlelwano nemisakazo yomphakathi, omabonakude bomphakathi, izinhlangano ezingenzi inzuzo, uhulumeni nezinye izinhlaka zomphakathi.

“Ukuzinza kufanele kube yinto ehamba phambili kulomkhakha. Awukwazi ukukhuluma ngokuzinza ungazange ukhulume ngokuguquka kwezobuchwepheshe nokuza namaqhinga amasha,” kusho omunye umshicileli kwabaqokwe ukuthi bahambe, uMcinga.

Ekubuyeni kwabo phesheya bazobese behambela amaworkshop amane azokwenziwa ezweni lonke jikelele ukuze badlulise ulwazi abalutholile kwabanye abashicileli.Uhambo lwaseMelika luhlelelwe ihlobo laseMelika kuwo lonyaka ka-2023.

Uhambo lukhokhelwe, kusukela ekundizeni, ukudla, indawo yokuhlala nokunye.

 

Mzukona

Mzukona Mantshontsho is the founder of Nyakaza Media Solutions. Nyakaza Media Solutions is an organisation that was established to help community organisations, business entities, and schools to research, write, document, report, analyse, edit, publish newsletters or bulletins in hard-copy, on-line and maintain websites with the relevant content as per the editorial policy of that organisation, school or entity. Nyakaza Media Solutions has a vision to promote and bring dialogue to communities, businesses and schools about issues that affect them. Nyakaza Media Solutions is on a mission to develop and encourage communities, businesses and learners to celebrate the good, applaud excellence, welcome growth, strive to be better individuals, businesses and communities, want more knowledge, discourage bad and counter-productive behaviour as well as communities, businesses and learners that want to be great SOUTH AFRICANS. Nyakaza Media Solutions is making use of Yo School Magazine as a platform that learners in all schools to make use of to write their stories.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Translate »